Skip to main content

ETHNOS_APP

Home • Search • Journals • List 0

Ukuhlaziywa kwezincazelo nomlayezo owethulwa emagameni emiziyenkosi uMzilikazi

Bibliographic Data

ID21490910
AuthorsDumisani Ephraim Khumalo (0000-0001-8410-7451, University of KwaZulu-Natal, corresponding author), Evangeline Bonisiwe Zungu (0000-0003-4837-9155, University of the Witwatersrand)
Year2022
Volume42
Issue3
Pages283-292
Publication date2022-09-02
Peer ReviewedYes
Open AccessNo
TypeARTICLE
VenueSouth African Journal of African Languages (JOURNAL)
Journal identifiersISSN: 0257-2117 • E-ISSN: 2305-1159
PublisherInforma UK Limited (PUBLISHER • GB)
DOI10.1080/02572117.2022.2139937
OpenAlexW4313165031
LanguageEN
Citations received1
References cited5

Amagama emizi abamba iqhaza elibalulekile ekuqinisekiseni ukugcinwa komlando kanye nokufundisa izizukulwane ngolwazi, umlando kanye nendlela yokuphila eyabe ilandelwa yizizukulwane ezandulele esizweni. Ukuqinisekiswa kokuhunyushwa ngendlela komlayezo oqukethwe emagameni emizi kubamba iqhaza elibalulekile ekuqikeleleni ukuthi umlando wesizwe udluliselwa ezizukulwaneni ngendlela efanele nelindelekile. Ezindaweni lapho kuhlangene izinhlanga ezahlukene nezikhuluma izilimi ezingefani, ulwazi olungaba wusizo ekuhambeni kwesikhathi lusengcupheni yokulahlekelwa yisisindo esifanele ngenxa yokungabi khona kwezizinda ezilawula ziphinde ziqinisekise ukudluliselwa kolwazi olufanele olumumethwe emagameni ezindawo ngendlela elindelekile nefanele. Leli phepha liphenya kabanzi ngencazelo nomlayezo owethulwa emagameni emizi esizweni esasiholwa nguMzilikazi Khumalo. Inhloso esemqoka yaleli phepha kube ngukugcizelela ukulandelwa kwenqubo yokwethiwa kwamagama emizi ngaphansi kohlangothi olwaluholwa nguMzilikazi Khumalo noma kwabe sekunguhlangothi olwaluxube izinhlanga ezahlukene. Iphepha liphinde ligcizelela nendlela ukuqinisekiswa kokuhunyushwa kwamagama emizi ngendlela efanele okunomthelela ngayo ekulahlekeni komlando kanye namagugu esizwe. Kuleli phepha kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuthungatha imibono eyahlukene evela kubabambiqhaza. Ucwaningo lusebenzise injulalwazi yeHermeneutics kanye nenjulalwazi yesemiyothiki njengezinsizakuhlaziya ekuthungatheni ulwazi ngesihloko socwaningo. Imiphumela yocwaningo iveze ukuthi ukwethiwa kwemizi kaMzilikazi Khumalo kwabe kuncike ezinhlosweni ezahlukene nezibandakanya isu lokuletha ithemba kanye nokukhuthaza isizwe, ukubhinqa, ukuthumela umlayezo wokusabisa ezimbangini zakhe kanye nobudlelwane nemvelo ayephila kuyona. Kuphinde kwagqama nokubaluleka kokuqinisekiswa kokuqashelwa kwemvelaphi yamagama ukuze kuvikelwe umlando nalezo zinto ezingamagugu esizweni

Theology · Diverse Musicological Studies · Musicians’ Health and Performance · Philosophy · Textile materials and evaluations

  • Idioms in transition

    Open Access•Sineliso Lindokuhle Thabede, Dumisani Ephraim Khumalo•South African Journal of African…•2026

  • Toponym mapping

    Open Access•Siwei Qian, Mengjun Kang et al.•Journal of Maps•2016

  • Zulu Names and Indirect Expression

    Open Access•Noleen S Turner•Names•2000

  • Names, norms and forms

    Liora Bigon•Planning Perspectives•2008

  • The evolution of Ndebele Amabutho

    Open Access•Julian Cobbing•The Journal of African History•1974

Unique citing works1
Citations per year1
Citation span2026 - 2026 (1)
Citation velocitycurrent
Highly citedNo
Citation typesNeutral: 1

Tools

Open DOI
Ethnos_APP • Open Source Project • MIT License • Frontend v2.0.0 • Privacy and Cookies • API Documentation: api.ethnos.app/docs • API Source Code: GitHub • DOI: 10.5281/zenodo.17049435 • Frontend Source Code: GitHub • DOI: 10.5281/zenodo.17050053 • cruz.rio.br • Expectantes Misericordiae