Skip to main content

ETHNOS_APP

Home • Search • Journals • List 0

Ukuhlaziywa kolimi lwesiZulu lokwethula isimo emigwaqweni ngephimbo lomethuli u-Ayanda Msweli woKhozi FM olucashunwe ku YouTube

Bibliographic Data

ID21490918
AuthorsBeryl Babsy Boniwe Xaba (0000-0002-6525-9609, University of South Africa), Beryl BB Xaba (University of South Africa, corresponding author)
Year2024
Volume44
Issue3
Pages278-287
Publication date2024-09-01
Peer ReviewedYes
Open AccessYes
TypeARTICLE
VenueSouth African Journal of African Languages (JOURNAL)
Journal identifiersISSN: 0257-2117 • E-ISSN: 2305-1159
PublisherInforma UK Limited (PUBLISHER • GB)
DOI10.1080/02572117.2024.2333559
OpenAlexW4404084057
LanguageEN
Citations received3
References cited2

Izindlela zokwethula inkulumo noma isibikezelo azifani, kuphinde kuye ngokuthi wethula emsakazweni, kumabonakude noma esidlangalaleni. Ulimi lwesiZulu olunothile luvame ukusebenzisa izimo zokukhuluma nezinye izinandisi zolimi. Izimo zokukhuluma zihlukene kathathu, izisho izaga nezifenqo. Isizwe samaZulu singesinye sezizwe ezaziwa ngekhono lokuqamba nokuthuthukisa ulimi kusetshenziswa izimo zokukhuluma. Lesi siphiwo siyindalo ngoba asifundelwa ndawo. Nasemandulo izisho nezaga zaziqanjwa ngokubuka isimo esenzekile, maqede kuqanjwe noma iluphi uhlobo lwesimo sokukhuluma ngaleso simo. Lolu cwaningo luhlose ukuveza amakhono okusebenzisa nokuqamba ulimi uMnu. Msweli awavezayo uma ethula isimo sezimoto emgwaqweni emsakazweni Ukhozi FM. Lapha kuhloswe ukuveza ubuciko bokuqamba kulolu hlelo oluthatha imizuzwana oKhozini FM nsuku zonke ekuseni nantambama emva kwezindaba. Lolu cwaningo luphendula imibuzo ethi ngabe yimaphi amakhono okusebenzisa nokuqamba ulimi aqganyiswa ukwethula kukaMsweli? Nhlobo luni lolimi alusebenzisayo uma ethula uhlelo lwesimo sezimoto emgwaqweni? Lolu cwaningo lwesekelwe ngenjulalwazi yokuthambekela inkulumo (ispeech accommodation theory) emayelana nokusetshenziswa kolimi ngokubheka isimo sezinto ngaleso sikhathi, luphinde lusebenzise indlelakwenza yekhwalithethivu okuwuhlobo olubheka izimvo, imidlinzo, ulimi kanye namasiko asetshenziswa abantu endleleni yabo yokuphila. Kulolu cwaningo kusetshenziswe indlela yokuqoka ulwazi ngenhloso ngokucaphuma isibikezelo noma isethulo sesimo sezimoto engwaqweni esicashunwe kuYouTube sabhalwa phansi njengolwazi oluhlaziywayo. Okuzuzwe kulolu cwaningo ukuthi uMsweli usebenzisa izisho nezaga, uxuba izilimi, uqamba nezisho nezaga ezintsha ngenhloso yokwethula, ukuchaza nokulandisa ngesimo sezimoto emgwaqweni

Linguistics · Child Development and Digital Technology · Digital Games and Media · Impact of Technology on Adolescents · Philosophy

  • The role of idioms in moral instruction

    Open Access•Onelisa Nomfundo Mbathu•E-Journal of Humanities Arts and…•2026

  • Uphenyo ngondabuzekwayo wesisho esithi, ‘Azikhale’ esiqhakanjiswe uNgizwe Mchunu nencazelo yaso

    Open Access•Beryl Babsy Boniwe Xaba•Southern African Linguistics and…•2026

  • Ukwethulwa kwekhono lobuciko behlaya ngesimo somnotho sangoMasingana kusetshenziswa ulimi lwesimo sezulu ku- TikTok

    Open Access•Beryl Babsy Boniwe Xaba•Southern African Linguistics and…•2026

Unique citing works3
Citations per year3
Citation span2026 - 2026 (1)
Citation velocitycurrent
Highly citedNo
Citation typesNeutral: 3

Tools

Open DOIOpen Access
Ethnos_APP • Open Source Project • MIT License • Frontend v2.0.0 • Privacy and Cookies • API Documentation: api.ethnos.app/docs • API Source Code: GitHub • DOI: 10.5281/zenodo.17049435 • Frontend Source Code: GitHub • DOI: 10.5281/zenodo.17050053 • cruz.rio.br • Expectantes Misericordiae