Skip to main content

ETHNOS_APP

Home • Search • Journals • List 0

Ukuhlaziywa kwamakhono namangwevu okubhala umbhalo wobuciko enovelini kaSibiya NG ethi, Bengithi Lizokuna

Bibliographic Data

ID21490941
AuthorsBeryl Babsy Boniwe Xaba (0000-0002-6525-9609, University of South Africa), Beryl BB Xaba (University of South Africa, corresponding author)
Year2024
Volume44
Issue3
Pages334-342
Publication date2024-09-01
Peer ReviewedYes
Open AccessYes
TypeARTICLE
VenueSouth African Journal of African Languages (JOURNAL)
Journal identifiersISSN: 0257-2117 • E-ISSN: 2305-1159
PublisherInforma UK Limited (PUBLISHER • GB)
DOI10.1080/02572117.2024.2358816
OpenAlexW4404084305
LanguageEN
References cited2

Ukubhala imibhalo yobuciko kuncike kakhulu esiphiweni. Bakhona ababhali abakufundele ukubhala imibhalo yobuciko, kepha abanalo uhlonze olufana nalabo ukubhala imibhalo yobuciko abakwenza ngokwesiphiwo nekhono. Lolu cwaningo luhlonza amakhono okubhala enovelini kaSibiya ethi, Bengithi Lizokuna. Indlelakwenza esetshenisiwe ikhwalithithethivu okuyindlela ehambisanayo nokucwaningwayo ngoba lolu hlobo lubheka imicabango, izimvo, ukwenza namasiko abantu abawasebenzisa endleleni yabo yokuphila. Injulalwazi eyesekele lolu cwaningo inarrative theory egxile ekwethulweni kwezigameko zendaba. Lolu cwaningo luphendula imibuzo efana nale ethi yimaphi amakhono asetshenziswe uSibiya enovelini ethi, Bengithi Lizokuna, yiziphi izinhloso zokusebenzisa lawo makhono nokuthi lawo makhono abe namphumela muni ekwethulweni kwendaba. Amakhono acwaningiwe yikhono lokuchaza, ikhono lokulandisa, ikhono lokuchaza, ikhono lokujeqeza emuva, ikhono lenkulumo mpendulwano, ikhono lokubikezela nekhono lokuxuba izilimi. Imiphumela yocwaningo iveza ukuthi lezi zinhlobo zamakhono ezisetshenziswe uSibiya enovelini ethi, Bengithi Lizokuna ziveze ukuchaza nokulandisa indaba, zethule nenhloso ngabafundi bendaba ngokusetshenziswa kwekhono lokuxuba izilimi (isiNgisi nesiZulu) okuyindlela yokukhuluma esetshenziswa ikakhulukazi esikhathini samanje. Kuzuzwe nokuthi isizinda sibe nomthelela omkhulu ekusetshenzisweni kwaleli khono lokuxuba izilimi. Amanye amakhono enze umsebenzi wokugelezisa izigameko, wokwakha isithombe sesigameko nokuthokozisa, kanjalo nomlando-mpilo wombhali ube nomthelela phakathi kwezinye izizathu

Sociology · Urban and Rural Development Challenges

  • Narrative Theory

    Open Access•Kent Puckett•Narrative Theory•2016

Citation velocityhistorical
Highly citedNo

Tools

Open DOIOpen Access
Ethnos_APP • Open Source Project • MIT License • Frontend v2.0.0 • Privacy and Cookies • API Documentation: api.ethnos.app/docs • API Source Code: GitHub • DOI: 10.5281/zenodo.17049435 • Frontend Source Code: GitHub • DOI: 10.5281/zenodo.17050053 • cruz.rio.br • Expectantes Misericordiae